Ukuhumushwa ngesiZulu okusemthethweni
(As I Am)
Umculo namagama awo Aodhan King, Melodie Wagner-Mäkinen no Michael Fatkin
Kuhumushwe ngu Sizwe Khumalo no Prudentia Ndimande
IVESI 1:
Ngiphila emusen' laph'
Konke kungaphez' kwem'cabango yami
Okwakungang'fanele kuphiwe mina
IKHORASI ESANDULELE 1:
Ukuzisola nokwehluleka kwam'
Ububi bami bushiyw' es'phambanweni
Manje konk' okusele uthando l'kaBaba
IKHORASI:
(O) Nkos' ungithatha njengoba nginjalo
Ngok'phindelel' ungibiza ngoWakho futhi
Uk'bona konk' uyang'funa
Uyang'thanda
Uyang'thanda
Umusa nesihe kung'khumbuza
Uyang'thanda
Uyang'thanda
Njengoba nginjalo
IVESI 2:
Ngakho ke masihlangane
Sihlez' etafuleni ngokuhlanganyela
(O) Sonke siyalingan' eb'khoneni Bakho
IKHORASI ESANDULELE 2:
La ng'vela khon' ak'khathali
Impil' engiy'philile noma umbala wes'khumba
Akukh' okuzoshintshindlel' ong'thanda ngayo
ISIPHINDO:
O Nkos' ung'thatha
O Nkos' ung'thatha
Njengoba nginjalo